Ungacacisa ukuthi ngabe i-Youtube, iNetflix, iWhatsapp, i-Facebook nezinye izinsiza eziningi ze-inthanethi zivunyelwe kuphela ngesikhathi samahala. Lapho nje uLuis eseqedile umsebenzi wakhe wesikole noma imisebenzi, angavuzwa ngesikhashana esengeziwe se-inthanethi.
Ezinganeni ezindala, ngokwesibonelo, ungazivumela ukuthi zilalele umculo kuSpotify nanoma yisiphi isikhathi, kepha i-Inthanethi iyacishwa uma sekuyisikhathi sesidlo sasemini somndeni wonke.
Lolu hlelo oluhlaba umxhwele lunezinzuzo eziningi kakhulu kunalezo ezishiwo lapha.
Isibonelo, enye yezinketho ezithuthuke kakhulu ukunika amandla i-Anti-Virus kanye ne-Monitored Protection (isivikelo esiqashwe ngeso lokhozi) ngemali yonyaka enikeza wonke amadivayisi ahlinzeka ngezinga elengeziwe lokuvikelwa kwakho konke okuxhunyiwe, noma ngabe angakanani amadivayisi, ngakho-ke i-smart TV yakho , izinhlelo zokuphepha, amakhamera kanye nanoma iziphi ezinye izinhlelo ezixhunywe kwi-inthanethi kanye nemishini nakho ukuvikela kubaduni(hackers), i -ransomware, i-Malware namaphutha wokwakheka okungenzeka abe khona kulawa madivayisi abantu abaningi abangawazi.
Ayikho imali ekhokhwa njalo ngenyanga yokusebenzisa izinto zokulawula i-inthanethi futhi akukho mingcele kudivayisi ongakhetha kuyo ukungayithathi isivikelo esiqashwe ngeso lokhozi (i-Monitored Protection).